Khulekani On Wheels
    • Car Reviews
    • Car News
    • Electric
    • Videos
    • Travel
    • About
    • Contact

    Sishayela iFord Fiesta ST200

    By khulekani / on October 8th, 2017 / in Car Reviews, featured

    Sishayela iFord Fiesta ST200

    By khulekani / on October 8th, 2017 / in Car Reviews, featured

    Khona izimoto oke uzibuze ukuthi zithengwa ngobani uma ubona amanani azo. Uke uzibuze futhi ukuthi kazi umnikazi akazibonanga yini ezinye izimoto ezinkulu kunayo. Kodwa khona osuke ungakucabanganga, lokho ukuthi izimoto sizithengela izizathu ezihlukene. Khona abachazwa ukuthi imoto yabo incane futhi iyagijima yize ibukeka ibiza. Lapha ngikhuluma ngabanikazi bamaVW Polo GTI nomaFord Fiesta ST. Lezizimoto ziyabiza, iFord Fiesta iqala kuR325,000. Leli nani lingaphezu kweFord Focus eshibhe kunawo wonke yize iFord Focus inkulu. Kodwa uma ubuka izinto kanje, ungaze ukhohlwe ubumnandi beFord Fiesta ST nobempilo. Futhi akusibo bonke abantu abadinga izimoto ezinkulu kunalezi abazithengayo.

    Ubumanandi bezimoto ezincane ezigijimayo sibuzwe ngeFord Fiesta ST200 esisanda kuyishayela. Lemoto yenziwe uFord ukubungaza lamaFord Fiesta ST akhona ngoba sekuza amasha. Uma ucabanga ukuthi iFord Fiesta ST iyakuchaza, cabanga into oyithanda kakhulu ongacabangi ukuthi ingaba ngcono kunalokhu eyikho kodwa ivele iba ngcono kakhulu. Yize iFord Fiesta ST200 ibiza uR14,000 ngaphezulu kweFord Fiesta ST ejwayelekile, inokuchaza okungale kwalena ejwayelekile.

    Ngaphandle, iFord Fiesta ST200 ihluka ngombala wayo ometalic okuthiwa uStorm Grey, amasondo awu17-inch, nezicathulo zamabhleki ezibomvu kanye nemibhalo ethiST200. Uma uvula umnyango wemoto ubingelelwa imibhalo ekhanyayo ebhalwe ukuthi ST200. Phakathi khona izihlalo zizimoto ezigijimayo ezakhiwa inkampani yakwaRecaro, ezineleather futhi okwazi nokuzifudumeza. Ngemuva, uFord ufake ikhamera kanye namasensa okuhlehla. Imibhalo kaFord Fiesta ST200 awuyisweli ngaphakathi kwalemoto okwenza ithandeke kakhulu.

    Umkhuba ungaphakathi kwenjini yeFord Fiesta ST200. Lemoto ehamba ngenjini ethenjwe kakhulu kwaFord eyi1.6 litha EcoBoost, inamandla angu 147 kW. Lokhu kuchaza ukuthi amandla ayo athe xaxa ngama kW awu 13 kune Ford Fiesta ST ejwayelekile. IFiesta ST200 isuka ku 0-100 k/m kumasekhondi awu 6,7. Usazibuza ukuthi abantu abahamba ngalezi zimoto ezincane ezigijimayo bazithandelani?

    Ukushayela lemoto kujabulisa kakhulu. Amandla ayo uwezwa uyiqala kodwa kumele ugade ibhleki ngoba uthi ususa kancane unyawo kwiklashi ibe isifuna kuhamba. Amandla ayo akhona kuwo wonke amagiya. Uma ukade usesivinini esiphezulu, ukwenciphisa isivinini akusho ukuthi kumele uye emagiyeni aphansi ngokushesha. Lemoto ibambeka kahle futhi emakhoneni kanti namabhleki abamba eduze uma kudingeka uyibambe eduze. Yize lemoto ibaleka kodwa iyashayeleka kahle ezimweni ezijwayelekile zomgwaqo. Ngenkathi ngiyihlola ngabe sengijwayele ukuya ngayo emsebenzini ngingaxakwa amandla enawo. Yize lemoto ineminyango emibili yabagibeli, kuyahlaleka unethezele ngemuva. Nebhuthi ayincane kakhulu. Ngingathi ikahle uma iqhathaniswa nezimoto ezingangayo.

    IFord Fiesta ST200 ibiza uR339,900. Lemali ikutholela iwaranti yeminyaka emine noma yamakhilomitha awu 120,000 kanye neplani lokusevisa leminyaka emine noma amakhilomitha awu 60,000.

     

    Categories: Car Reviews, featured  /  Tags: izimoto shayela
  • Comment

  • Leave a comment Cancel

    Leave a comment
  • Comment

  • Next articleBrian restores 1979 Landy

      By Brian Denny My grandfather's business of which my father was managing direct...

  • Previous articleGet active with the new Nissan Micra Active

      By Sala Masindane (@salaontop) Let’s face it, there’s nothing more daunting th...

  • More & Related Articles

    We drive the Haval H2 City 1.5T

    It’s a gloomy Monday in Gauteng our test @havalsouthafrica H2 City Manual is keeping us smiling. Priced from R249,900; you’ll struggle to find similarly priced quality and value...

    Limited Edition Volkswagen Golf GTI TCR to cost you R669,000

    By Staff Reporter The Golf GTI TCR is the final edition of the beloved Golf 7 GTI. The Limited Edition GTI TCR will cost you R669,000 and Volkswagen...

    Second-generation Mercedes-Benz GLC Coupé breaks cover

    By Otsile Kadiege After numerous online teasers, Mercedes-Benz has officially lifted the veils off the new, sleek GLC Coupé. The newcomer is unmistakably Mercedes-Benz thanks to its Sensual...

    All New Renault Duster 4×4 is here

    By Staff Reporter The Duster has been a runaway success for Renault selling in excess of 16,000 units since launch locally. With 4×2 models of the second iteration...

    Legendary BMW 325is driven

    By Khulekani Dumisa I’ve been agonizing about this one and forgive me if I don’t do it justice. There’s so much to say yet the most appropriate words...

    Omoda South Africa adds new ‘affordable’ Style derivative to C5 range

    By Otsile Kadiege Omoda South Africa has launched an exciting new entry-level version of the popular C5 crossover. Priced at R359,900, the newly added derivative of the C5 serves...

    Suzuki SA is ready to race up the famous Simola Hill Climb this weekend

    By Otsile Kadiege The Simola Hill Climb is undoubtedly one of the most highly-anticipated events on South Africa’s motorsport calendar.  Due to Covid-19 related reasons, drivers were left...

    We attend the Cape Town Leg of the Volvo Ocean Race

    Recently we attended the Volvo Ocean Race in Cape Town courtesy of Volvo Car South Africa. The Volvo Ocean Race is a yacht race around the world, held...

    © 2026 Khulekani On Wheels - Managed by Tech Matters