Khulekani On Wheels
    • Car Reviews
    • Car News
    • Electric
    • Videos
    • Travel
    • About
    • Contact

    Sishayela i-Volvo XC40

    By khulekani / on October 14th, 2018 / in Car Reviews, featured
    Isithombe Malusi Msomi/Dbn Spotter

    Sishayela i-Volvo XC40

    By khulekani / on October 14th, 2018 / in Car Reviews, featured

    Isithombe Malusi Msomi/Dbn Spotter

    I-XC40 ibonakala ibe yimoto ezitholele udumo kalula emhlabeni wonke lokhu kuze kwabonakala nase-Ningizimu Afrika. EYurophu inqobe umklomelo weMoto Yonyaka ka-2018 ohloniphekile kanye neminye imiklomelo eminingi emhlabeni jikelele. Lolu dumo lwenze ukuthi lapha eNingizimu Afrika amaVolvo XC40 athengiswa masinyane. Lokhu kwenza abakwa Volvo South Africa bacele ezinye izimoto kwelomkhulu eSwideni ukuze bemelene nezidingo zamakhasimende afuna ukuthenga i-XC40. Ukuphumelela kwe-XC40 kusenza singafisi ukuba abahluleli beMoto Yonyaka lapha eNingizimu Afrika. Izimoto ezibangayo zizobe zisondelene kakhulu. Bheka nje futhi iXC40 ingaze izithole ibanga neXC60 yakubo. Nokho okwamanje, asibuyele kwiXC40, enhle kakhulu.

    Ngaphandle nangaphakathi

    Ngaphandle, i-XC40 ibukeka njenga manye amaVolvo amuva nje ngobuhle.Ngaphambili isho ngegrille enkulu enebheji lakwaVolvo. Izibani ezimise kukaT olele zakwaVolvo ze-LED zikhona naku-XC40. Eceleni ithe ukuhluka kancane iXC40 kunamanye amaSUV akwaVolvo. Umnyango Wangemuva ubukeka ngathi unyukela kwiD-Pillar, lokhu kwenza i-XC40 ibukeke inkulu. Izibani zangemuva zinde ngenhla bese zithi ukwanda eceleni ngezansi okwenza iXC40 ibukeke inkulu nangemuva.

    Isithombe Malusi Msomi/Dbn Spotter

    Ingaphakathi lihlelwe kahle futhi lakhiwe kahle. Izinto zeqophele eliphezulu izona kuphela ezitholakala kwiXC40. Negiya leXC40 lizehlukele. Nokho ngaphakathi, iXC40 ihlelwe njengamanye amaVolvo asho ngobuhle obuthandekayo. Uma uzithola ungaphakathi kweXC40, ngeke ungayiboni iSensus Connect enama intshi awu9 futhi ecofekayo kwiskrini sayo.

    Into echaza kakhulu ngengaphakathi le-XC40 ukuthi likhulu okwenza wenethezeke. Kunendawo yokuhlala abantu abadala abahlanu. Kukhona nezindawo eziningi zokugcina izinto. Esikhaleni esisemnyango, ungakwazi ngisho ukukubeka ilaptop encane, isikhwama noma ibhodlela lokuphuza amanzi elikhulu. Ibhuthi inkulu ngalitha angu-460 okufaka izimphahla. Lokhu kusho ukuthi ungakwazi ukufaka izikwama eziningana uma unendela. Uma ulalisa izitulo indawo yokufaka izimpahla iyanda ifike ku-1,336 wamalitha. Lokhu kwenza ukuthi ukwazi ngisho ukufaka ibhayisekili njengoba senzile muva nje mhla sineXC40. Liyathokozisa nefasitela elikhulu laphezulu leXC40. Libanzi lenza kubengathi ubamhamba ngesilahla mathende.

    Isithombe Malusi Msomi/Dbn Spotter

    Ukuphepha

    Okunye okubalulekile ngeXC40 ukuphepha kwayo. AbakwaVolvo bayifake icruise control ekwazi ukwezihlisela futhi izenyusele yona isivinini ngokulandela indlela imoto ephambi kwayo eshayelwa ngayo, lokhu kwenza uvike ingozi. Uzothi usajatshulwise yilokho, bese uchazwa ukuthi icishe izishayela yona lemoto kuze kufike kwisivinini sika140 km/h. Lokhu kucishe kuzishayele khona kubizwa nge Pilot Assist. Nokho, kulindeleke ukuthi izandla uzibeke kwisitelingi uma izishayela yona imoto kuze kuqikelelwe ukuphepha. Ezinye izinto ezisiza umshayeli ukuthi imoto ibheka iblind spot futhi itshele umshayeli uma ephuma emgwaqeni.

    Isithombe Malusi Msomi/Dbn Spotter

    Ukushayeleka kwayo

    Ngichithe izinsuku ezingu-7 ne-XC40 T5 R-Design eno185 kW/350 Nm wamandla ovela enjinini eyi2.0 litre enethebho. Abakwa Volvo bathi isuka 0-100 km/h kumasekhondi angu-6.4. Lamandla uwezwa isasuka nje i-XC40. Ayibambeki kuthele wayeka. I-XC40 isekhaya ezindaweni zasemadolobheni ngenxa yosayizi wayo owenza ukuthi kunganakeki ukuthi usemotweni enkulu. Kanti futhi ngeke ubone ngathi ulahliwe uma uzithola ushayela obhuqwini ngoba inenkinobho eyenza ukwazi ukushayela kulezo zindawo. I-Volvo ithembisa ukusetshenziswa kuka phethiloli lenani ewu-7.2l/100 km kodwa ungazithola ufinyelela ku-9.5l/100 km ngenxa yomadla ayo kanye nesisindo sayo. Uma lokhu kuyinkinga nokho ikhona iVolvo XC40 D4 kadizeli enamandla awu140 kW/400 Nm i-turbo-diesel D4.

    Categories: Car Reviews, featured  /  Tags: imoto, siyashayela, SUV, T5, volvo, Volvo XC40, XC40
  • Comment

  • Leave a comment Cancel

    Leave a comment
  • Comment
  • Find Us

    Address
    123 Main Street
    London EC1 4UK

    Hours
    Monday—Friday: 9:00AM–5:00PM
    Saturday & Sunday: 11:00AM–3:00PM


  • Next articleLaunched: all New Mahindra KUV100 NXT

    By Lebohang Kobeli/Khuleni on Wheels Like our ruling party often claims that it is a bro...

  • Previous articleDriven: ungovernable BMW X2

    https://www.instagram.com/p/Bn77pVYl4RP/?hl=en&taken-by=khulekani_on_wheels The BMW X ra...

  • More & Related Articles

    People on the Move: Ms. Penelope Mkhwanazi joins expanded Isuzu board

    By Otsile Kadiege Isuzu Motors South Africa recently announced its new expanded board of directors, effective from 01 December 2022. This happens at the back of just 4...

    VIDEO: Nissan X-Trail

    August sales figures suggests Toyota SA is heading back to pre-flood numbers

    By Otsile Kadiege Toyota South Africa Motors recently reopened its local Prospecton plant after the plant had to be temporarily shutdown due to floods which which took place...

    Powerful Land Rover Defender V8 revealed

    By Amanda Mfuphi Land Rover has unveiled the powerful 386 kW Defender V8 and a special edition to join the Defender family range. The new Defender V8 will...

    All-New Audi Q3 lands in South Africa

    By Xolile Hopa Audi South Africa has launched the third-generation Audi Q3, introducing a fresh design, advanced digital technology and enhanced practicality to the luxury compact SUV segment....

    Meet the all new Ford Kuga

    By Staff Reporter Ford has revealed its third generation Kuga (or Escape compact crossover as it’s known in other markets) and it boasts a new look plus a...

    Jetour South Africa refreshes Dashing and X70 Plus SUVs

    By Malusi Msomi Jetour South Africa has introduced updated versions of its Dashing and X70 Plus, with both SUVs receiving revised styling, more powerful engines, additional technology, and...

    BMW unveils facelifted 8 Series range

    By Otsile Kadiege Back in 2019 BMW rebooted the 8 Series moniker, available in three different body styles, after decades of absence from the automaker’s line up. Now...

    © 2026 Khulekani On Wheels - Managed by Tech Matters