Khulekani On Wheels
    • Car Reviews
    • Car News
    • Electric
    • Videos
    • Travel
    • About
    • Contact

    Sishayela iSuzuki Celerio

    By khulekani / on October 18th, 2017 / in Car Reviews, featured

    Sishayela iSuzuki Celerio

    By khulekani / on October 18th, 2017 / in Car Reviews, featured

     

    Kuthi akubenzinyana ukukhuluma ngento noma ngomuntu owazi ngemiklomelo yakhe. Kubesekwazi vele ukuthi lento noma lowo muntu uyathandeka. ISuzuki Cilerio ifike kithi seyaklonyeliswa ngokuba yimoto encane evelele yonyaka abakwaCars.co.za. Lapha ishaye emakhanda iRenault Sandero kanye neToyota Aygo. Ungazibuza uziphendule ukuthi iqhathaniswa kanjani neRenault Sandero enkulu kunayo? Imibandela eyabe ibekiwe kwabe kuwukuthi imoto kufanele ibe ngaphansi kuka R160,000 futhi kuleli nani kube khona iABS kanye nama-airbag. Okunye okwakubukwa amajaji ukuthi imoto iwudla kangakanani u-petrol, uthola okungakanani kulemoto ngenani layo, kulula kanjani ukuyisebenzisa kanye nokwethembeka kwabakhi bayo. Singathi kuloluhlu lokugcina, akubanga inkinga kwazise phela abakwaSuzuki baphuma phambili njenge nkampani yezimoto evelele kulemiklomelo yakwaCars.co.za.

    Ngaphandle iSuzuki Celerio ithi ayifane nazo zonke zimoto ezincane. Okuthi akuhluke ngayo wukuthi yona ibukeka inkudlwana futhi iphakeme kunalezi ezinye izimoto ezincane. Lokhu bukhudlwana beCelerio ubuzwa ngisho usuphakathi kwayo. Nebhuthi yeCelerio iyamangaza. Ithe ukuba nkudlwana kunezinye zalezizimoto ezincane.

    Ngaphakathi iSuzuki Celario yakhiwe kahle. Noma kukhona amaplastiki amaningi aqinile kwidash board, lamaplastiki angawomgangatho okhombisa ukuthi ngeke asheshe aguge. Okunye ukuthi iSuzuki Celerio GL lena ebesiyishayela iphuma isinezinto eziningi okungamele uzikhokhele njengamawindi kagesi, amalambu enkungu, iradio edlala amaMP3 futhi ivumele izingoma zidlale kwibluetooth. Yize ukwazi ukuthi uyikhiye nge-immobiliser iCelerio, ayikwazi ukuzikhiya yona uma uyishayela. Kumele ukhumbule ukuyikhiya wenamathupha. Nokho lokhu asikuthokozelanga kwazise phela ukuthi izwe aliphephile. Impela singamane singabi nezinkinombo esitelingini ezikwazi ukunyusa nomazehlise umsindo emotweni kunokuthi sibe emotweni engakwazi ukuzikhiya. Okunye okungasishayanga umxhwele kwiCelerio wukuthi isitulo somshayeli asinayo into yokunqikisa ikhanda ehamba yodwa. Lokhu kusho ukuthi uma uthe ukuba mude, into lena yokubeka ikhanda eyakhelwe esitulweni, igcine ithinta kabi intamo yakho futhi ingakuniki indawo eyanele yokunqikisa ikhanda lakho.

    Esikuthande kakhulu kuCelerio lena ebesiyivivinya, amandla enjini yayo kanye nokuthi ayiwudli kakhulu u-petrol. Amanye amaSuzuki kanye nezinye izimoto ezincane esike sizishayele, zidinga ukuthi sishintshe kaningana kuze sigcine imoto inamandla anele. Khohlwa yilokho ngeCelerio. Injini yayo enamandla awu50kW iyakumamngaza. Ikwazi ukubamba amandla ngendlela ejabulisayo. Lokhu ukubona ngisho uhamba kuthela wayeka. Isivinini esisemthethweni sika120 isibamba kuthule umoya. Akubi ngathi uyayihlukumeza lemoto encane. Okujabulisa ukudlula okuningi ukuthi iCelerio ayiwudli kakhulu u-petrol. Abakwa Suzuki bathi idla u4,7 litha kumakhilomitha awu100 osuke uwahambile. Kithi yathi xaxa kunalo4,7 kodwa yabe iselokhu iphansi kakhulu.

    Amanani amaSuzuki Celerio akhona eMzansi Afrika abiza kanje:

    Celerio 1.0i GA MT – R133,900
    Celerio 1.0i GL MT – R150,900
    Celerio 1.0i GL AMT – R164,900

    Amanani e-Suzuki Celerio 1.0i GL MT kanye neCelerio 1.0i GL AMT akunikeza i-service plan yeminyaka emibili noma amakhilomitha awu30,000 kanye ne-warranty yamakhilomitha awu100,000 noma izinyanga eziwu36. Iwarranty iyatholakala nakuCelerio 1.0i GA MT.

    Categories: Car Reviews, featured  /  Tags: Siyashayela Izimoto Imoto
  • Comment

  • Leave a comment Cancel

    Leave a comment
  • Comment

  • Next articleGallery: Mercedes Benz X-Class Media Launch in Chile

    ...

  • Previous articleDriven: Mercedes Benz Vito Panel Van

    They say small businesses are the backbone of the economy and indeed they are. Not only do ...

  • More & Related Articles

    Driven: We drive Mercedes-Benz’s popular V300d Special Edition

    By Sala Masindane According to the BBC, the expression ‘the gift that keeps on giving’ – “is to talk about a thing or situation which has benefits that...

    Nissan Navara Stealth 4×4 driven

    By Clive Funizwe I’m not one for glitz and glamor or in your face type cars. I’m that boring guy who prefers an S5 over the RS5, a...

    The Ferrari Portofino M is the Newest Horse in the Stable

    By Clive Funizwe Unveiled a few sunsets ago, the Ferrari Portofino M, which is not short of innovation, is a versatile machine that boasts a 620 cv (456...

    Ford debuts Smart Mirror for enhanced safety

    By Otsile Kadiege Ford South Africa has introduced a useful new feature called “Smart Mirror” which is designed to improve visibility and help van drivers spot cyclists, pedestrians...

    DRIVEN: Land Rover Discovery D350 Dynamic HSE

    DRIVEN: Land Rover Discovery D350 Dynamic HSE By Sala Masindane The Land Rover Discovery has long been one of the go-to options in the large SUV segment. The...

    What is Mercedes-AMG teasing here?

    We know the folks at Mercedes-Benz are hard at work readying the next Mercedes-AMG A45 which might take the stand at the Geneva Motor Show soon. However, the...

    Mitsubishi reveals updated Xpander

    By Otsile Kadiege  One of Mitsubishi’s best-selling models locally is the Xpander. In a bid to remain competitive and relevant, the MPV recently went to the surgeon for...

    Launched: New Kia Sportage

    By Malusi Msomi One of the most anticipated cars set to be launched in SA is the new Kia Sportage. The fifth-generation Sportage has finally arrived in Mzansi...

    © 2026 Khulekani On Wheels - Managed by Tech Matters