Khulekani On Wheels
    • Car Reviews
    • Car News
    • Electric
    • Videos
    • Travel
    • About
    • Contact

    Sishayele iBMW 220d

    By khulekani / on September 21st, 2018 / in Car Reviews, featured

    Sishayele iBMW 220d

    By khulekani / on September 21st, 2018 / in Car Reviews, featured

    Isithombe Benjamin Chunga

    Kubantu abaningi, kunzima ukuthenga imoto eyicoupe. Abaningi banqene ukungabikho kweminyango yangemuva kanye nebhuthi evame ukuba ncanyana. Lokhu kubukeka kuyinkinga kakhulu, uma kuwuhlobo lwecoupe olwakhiwe phezu kwesisekelo semoto encane njenge1 Series. Phela i2 Series iyicoupe ye1 Series futhi yicoupe encane kunawo wonke amacoupe akwaBMW. Sihlale iviki neBMW 2 Series engcine isichaza kakhulu futhi iqeda konke ukusaba ebesinawo ngamacoupe.

    Isithombe Benjamin Chunga

    Ngaphakathi

    IBMW 2 Series iyimoto ejwayeleka kalula noma iyicoupe. Phakathi, kunendawo ethi ayibe ningi ukwanele umshayeli nabagibeli bangemuva. Isizitulo zinethezekile. Ibhuthi nayo ithi ayibe nkudlwana ngoba ikwazi ukuthathat u390 wamalitha omthwalo. Lokhu kuchaza ukuthi, ungakwazi ukufaka igrosa noma ufake umthwalo, uthatha ikhefu. Uma lokhu kunganele, ungakwazi ukulalisa izitulo zangemuva kuze sande isikhala sokufaka umthwalo. Izinga leqophelo langaphakathi kwe2 Series, yilokhu ongakulindela kwabakwaBMW. AbakwaBMW basebenzise izinto zekhethelo eliphezulu kakhulu, ukuhlanganisa ingaphakathi lalemoto. Lemoto isho ngeradio enama-inch awu-8 ehambisana neNavigation System Professional, esiyithanda kakhulu ngoba isebenzisekalula futhi ikwazi ukukukhombisa ukuthi uyaphi futhi ukwazzi nokushaya izingcingo noma ulalele umculo owuthandayo. INavigation System Professional ayifiki nemoto nokho, ngakho kumele uyithenge ngenani elithexaxa. Enye into ethandekayo ngalemoto iwireless-charging ekwenza ukwazi ukucharger ucingo ngaphandle kwentambo yokucharger.

    Ngaphandle

    Ngaphandle i2 Series ayibangi umsindo kodwa yinhle. Phambili uyibona ngegrille ethiyona, izimbobo zomoya ezinkudlwana kunokujwayelekile, kanye namathoshi ayibi-LED. Lokhu kwenza i2 Series ibukeke njengemoto yekhethole eliphezulu. Lokhu kuqhubeka nangemuva ngoba amathoshi angemuva ayiLED, amise okuka-L, enza lobu buhle be2 Series bungapheli.

    Ukuyishayela

    I220d ebesiyivivinya ibinamandla angu140kw/400Nm. Lokhu kwenza lemoto isuke ku0-100 km/h kumanenjane ayisikhombisa.Lemoto idla udizili omncane. Sazithola sisebenzi u-6.1/100km ongakude kakhulu ku5.4l/10km lo othenjiswa wona ngabakwaBMW. Okukhulu ukuthi lemoto kumunandi ukuyishayela. Ifika esivinini esiphezulu ngesikhathi esincane. Noma igijima kodwa yenethezekile. Ungayithakasela nawe lemoto.

    Categories: Car Reviews, featured  /  Tags: 2 Series, 220d, bmw, BMW 2 Series, imoto
  • Comment

  • Leave a comment Cancel

    Leave a comment
  • Comment
  • Find Us

    Address
    123 Main Street
    London EC1 4UK

    Hours
    Monday—Friday: 9:00AM–5:00PM
    Saturday & Sunday: 11:00AM–3:00PM


  • Next articleWe drive the Volkswagen Arteon 2.0 TSI 4Motion

    [caption id="attachment_1927" align="alignnone" width="681"] Img Benjamin Chunga[/caption] T...

  • Previous articleDriven: all new Nissan Micra

    https://www.instagram.com/p/Bnk1c0VFLmg/?hl=en&taken-by=khulekani_on_wheels By Rebaneilw...

  • More & Related Articles

    All new Mercedes-Benz Sprinter launched

    By Khulekani Dumisa The Sprinter has been around since 1995 but shows no sign of slowing down in leading the segment it pioneered back then. Competitors have entered...

    Porsche 718 Boxster, Cayman GTS 4.0 revealed

    By Staff Reporter Porsche has taken covers off the 718 Boxster and Cayman GTS 4.0 which employ a 4.0-liter flat-six engine that pushes out 294 kW of power...

    Launched: all new Range Rover Velar

    Finally, Lindiwe has arrived. In the Zulu culture, Lindiwe is a name given to a girl child whose arrival has been long anticipated. The Range Rover Velar’s arrival...

    All-new Grand Cherokee L arrives with more seats and more technology

    By Amanda Mfuphi Jeep recently unveiled the new 2021 Jeep Grand Cherokee L – the “L” marking an extended platform with a three-row seating configuration. Grand Cherokee lovers...

    Much anticipated Range Rover Sport unveiled

    By Otsile Kadiege After countless prototype images surfaced on the internet and recent teasers hyping the vehicle ahead of its official debut, Land Rover’s hotly-anticipated Range Rover Sport...

    Potent BMW M5 CS revealed

    By Otsile Kadiege A few hours after leaked images of the all-new BMW M5 CS circulated the internet, BMW M officially unveiled the menacing M5 CS. We have...

    Hyundai Staria Multicab launched

    By Khulekani Dumisa Hyundai’s Staria range has grown in South Africa with the addition of the Staria Multicab. This is a 5-seater van with a separate cargo area...

    Volkswagen T-Roc is coming to SA

    By Staff Reporter Following the recent announcement by Volkswagen SA that the T-Cross is headed our way, the manufacturer has confirmed that the T-Roc is also coming to...

    © 2026 Khulekani On Wheels - Managed by Tech Matters