Khulekani On Wheels
    • Car Reviews
    • Car News
    • Electric
    • Videos
    • Travel
    • About
    • Contact

    Sishayele iBMW 220d

    By khulekani / on September 21st, 2018 / in Car Reviews, featured

    Sishayele iBMW 220d

    By khulekani / on September 21st, 2018 / in Car Reviews, featured

    Isithombe Benjamin Chunga

    Kubantu abaningi, kunzima ukuthenga imoto eyicoupe. Abaningi banqene ukungabikho kweminyango yangemuva kanye nebhuthi evame ukuba ncanyana. Lokhu kubukeka kuyinkinga kakhulu, uma kuwuhlobo lwecoupe olwakhiwe phezu kwesisekelo semoto encane njenge1 Series. Phela i2 Series iyicoupe ye1 Series futhi yicoupe encane kunawo wonke amacoupe akwaBMW. Sihlale iviki neBMW 2 Series engcine isichaza kakhulu futhi iqeda konke ukusaba ebesinawo ngamacoupe.

    Isithombe Benjamin Chunga

    Ngaphakathi

    IBMW 2 Series iyimoto ejwayeleka kalula noma iyicoupe. Phakathi, kunendawo ethi ayibe ningi ukwanele umshayeli nabagibeli bangemuva. Isizitulo zinethezekile. Ibhuthi nayo ithi ayibe nkudlwana ngoba ikwazi ukuthathat u390 wamalitha omthwalo. Lokhu kuchaza ukuthi, ungakwazi ukufaka igrosa noma ufake umthwalo, uthatha ikhefu. Uma lokhu kunganele, ungakwazi ukulalisa izitulo zangemuva kuze sande isikhala sokufaka umthwalo. Izinga leqophelo langaphakathi kwe2 Series, yilokhu ongakulindela kwabakwaBMW. AbakwaBMW basebenzise izinto zekhethelo eliphezulu kakhulu, ukuhlanganisa ingaphakathi lalemoto. Lemoto isho ngeradio enama-inch awu-8 ehambisana neNavigation System Professional, esiyithanda kakhulu ngoba isebenzisekalula futhi ikwazi ukukukhombisa ukuthi uyaphi futhi ukwazzi nokushaya izingcingo noma ulalele umculo owuthandayo. INavigation System Professional ayifiki nemoto nokho, ngakho kumele uyithenge ngenani elithexaxa. Enye into ethandekayo ngalemoto iwireless-charging ekwenza ukwazi ukucharger ucingo ngaphandle kwentambo yokucharger.

    Ngaphandle

    Ngaphandle i2 Series ayibangi umsindo kodwa yinhle. Phambili uyibona ngegrille ethiyona, izimbobo zomoya ezinkudlwana kunokujwayelekile, kanye namathoshi ayibi-LED. Lokhu kwenza i2 Series ibukeke njengemoto yekhethole eliphezulu. Lokhu kuqhubeka nangemuva ngoba amathoshi angemuva ayiLED, amise okuka-L, enza lobu buhle be2 Series bungapheli.

    Ukuyishayela

    I220d ebesiyivivinya ibinamandla angu140kw/400Nm. Lokhu kwenza lemoto isuke ku0-100 km/h kumanenjane ayisikhombisa.Lemoto idla udizili omncane. Sazithola sisebenzi u-6.1/100km ongakude kakhulu ku5.4l/10km lo othenjiswa wona ngabakwaBMW. Okukhulu ukuthi lemoto kumunandi ukuyishayela. Ifika esivinini esiphezulu ngesikhathi esincane. Noma igijima kodwa yenethezekile. Ungayithakasela nawe lemoto.

    Categories: Car Reviews, featured  /  Tags: 2 Series, 220d, bmw, BMW 2 Series, imoto
  • Comment

  • Leave a comment Cancel

    Leave a comment
  • Comment

  • Next articleWe drive the Volkswagen Arteon 2.0 TSI 4Motion

    [caption id="attachment_1927" align="alignnone" width="681"] Img Benjamin Chunga[/caption] T...

  • Previous articleDriven: all new Nissan Micra

    https://www.instagram.com/p/Bnk1c0VFLmg/?hl=en&taken-by=khulekani_on_wheels By Rebaneilw...

  • More & Related Articles

    Quircky all-new Kia Syros is brimming with big car features

    By Otsile Kadiege Kia India recently took the veils off a new compact SUV – the all-new Syros. According to Kia, the new the Syros is tailored to...

    We drive the Datsun Go Flash

    By Khulekani Dumisa South Africa is a country of two worlds. There super rich people and really poor people. Since ‘94, the mandate of the government has been...

    Capable and budget beating Renault Duster 1.5 dCi Dynamique 4×4 driven

    By Clive Funizwe Coming off a series of lockdown rules and regulations – we entered December in the Renault, to literally dust off the restrictions in movement that...

    Volkswagen shows V8 TDI Touareg with lunatic 310 kW

    By Staff Reporter It has been almost a year since the current generation Volkswagen Touareg touched down on SA soil and already, the flagship SUV is getting a...

    First Drive: Facelift Isuzu MU-X – Rugged gets a touch of refinement

    By Malusi Msomi We recently headed down to Cape Town — not just for the views and good coffee, but to sample the facelifted Isuzu MU-X, the brand’s...

    RS flavoured Audi Q3 and Q3 Sportback revealed

    By Staff Reporter Audi has taken covers off its new RSQ3 and RSQ3 SUVs. They are squarely aimed at those who want hot hatches with some ground clearance...

    Renault Duster 1.2T Zen 4WD: Has the recipe changed?

    By Clive Moleme The Renault Duster has never tried to be flashy, and in 2025 that philosophy remains firmly intact. The new 1.2 Turbo Zen 4WD Mild Hybrid...

    Ford confirms next generation Focus ST

    By Staff Reporter After a long wait, Ford has finally revealed its new Focus ST aimed to dethrone the Volkswagen Golf GTI and other hatches in the same...

    © 2026 Khulekani On Wheels - Managed by Tech Matters